ISOKA LAMI 😊 P59

BankJobsPakistan
0

ISOKA LAMI 😊 P59

Basho baphuma bangena ezimotweni zaphuma zilandelana balubangise Kwa nongoma enkosini njengoba nomphakathi wangakhona nje ungena inkosini ngobuningi bawo njengoba kufika no mamthembu no zakhele Kanye no Buhle nje bebahle nabo no Zinhle usefikile uselinde untombenhle ukuth afike kuthe Kuma izimoto zanokusho baqalaza bonke abantu njengoba kudilika undlovu no mandlovu kule engaphambile kuphinde kuvuleke izicabha kule engemuva kudilika usandile nontombenhle nje akekho okholwayo ukuth untombenhle Lo omuhle kanje Phela waziwa njengomuntu ozihluphekelayo kulendawo njengoba bephuma beyohlala phansi nje 
"Aybo mAh uyambona kodwa untombenhle muhle kanjn Kusho ubuhle ehleba


"Ayyysuka Wena muhlephi Lo ngoba into yesikhashana nje le Mxm Kusho umamthembu enyiphile ebuka untombenhle ngehlo elibi 
"Ehhh ngibingelele Sizwe sakithi ngibonge ukuth nifike ngobuningi benu ngale kokumosha isikhathi nje ngizohlala odabeni ukuth ngabe abantu bami kungani balapha namhlanje kusho uzulu emi ngezinyawo bevuma abantu belalele ukuth ngabe babizelweni Lana "ehhh Sizwe sakithi ngithe mangizwa loludaba ngase ngiluthathela phezulu ngathi ncono nginibize nibe khona sizoqala la ngizocela umamthembu asukume Kanye nendodakazi yakhe Kanye nomfowabo Kusho uzulu besho besukuma bethi yebo baba Bantubenkosi yabo labantu abame phambikweni anamacala nibabona nje elokuqala bayasoleka ngokubulala omunye wethu kulendawo umazondi njengoba Nazi ukuth kwavele kwalahleka ubufakazi nje emaphoyiseni Kusho inkosi uzulu njengoba abantu bevungama nje bebambe imilomo bebabaza
"Nkosi Yami ayikho leyonto Amanga wodwa lawa Kusho umamthembu ebakaza njengoba ubuhle ekhala nje eceleni kwakhe


"Angishongo ukuth khuluma mfazi ongcolile kusakhuluma mina Kusho uzulu njengoba sengishilo nje okwesibili bahlukumeze nansi ingane ka mazondi Lo ongasekho umbhemu lo omile besefuna ukuyenza umfazi wayo ingane efuna ukuyihlukumeza ngokocansi kwasho Kona ukuth yakwazi ukuth iphunyuke ibaleke Kusho uzulu

Tags

Post a Comment

0Comments

Please Select Embedded Mode To show the Comment System.*

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !